12 Lapho abalungileyo bethokoza,udumo lukhulu,kepha ekuvukeni kwababi abantu bamelwe ukufunwa.
13 Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela,kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.
14 Ubusisiwe umuntu owesaba njalo,kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.
15 Njengengoyama ebhongayo nebhere* elihahayo,unjalo umbusi omubi phezu kwabantu abampofu.
16 Wena sikhulu esingenakuqonda nesicindezelayo,ozonda inzuzo engalungile uyakwandiza izinsuku zakhe.
17 Umuntu osindwa yigazi lomunyeuyakubalekela egodini;makangasizwa muntu.
18 Ohamba ekupheleleni uyakusinda,kepha ophambene ngezindlela zakhe uyakuwa kwenye yazo.