18 Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo ngenxa yegazi ababelichithe ezweni, nangokuba babelingcolisile ngezithombe zabo.
19 Ngabahlakazela phakathi kwezizwe, basabalaliselwa emazweni; ngabahlulela njengendlela yabo nezenzo zabo.
20 Nxa sebefika ezizweni lapho beya khona, balihlambalaza igama lami elingcwele, lapho kwakuthiwa ngabo: ‘Laba bangabantu bakaJehova, kepha nokho baphumile ezweni lakubo.’
21 Kodwa ngalihawukela igama lami elingcwele eyayilingcolisile indlu yakwa-Israyeli phakathi kwezizwe, lapho yaya khona.
22 “Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi, uJehova, ithi: Angikwenzi lokho ngenxa yenu nina ndlu yakwa-Israyeli, kepha ngenxa yegama lami elingcwele enilihlambalazile phakathi kwezizwe, lapho naya khona.
23 Ngiyakulingcwelisa igama lami elikhulu elihlanjalaziwe phakathi kwezizwe, enilihlambalazile phakathi kwazo, izizwe zazi ukuthi nginguJehova, isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakungcweliseka ngani emehlweni abo.
24 “ ‘Ngiyakunithabatha ezizweni, nginibuthe emazweni onke, nginiyise ezweni lakini.