19 usehlabile izinkabi, namathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi, umemile onke amadodana enkosi, no-Abiyathara umpristi, noJowabe induna yempi; kepha uSolomoni inceku yakho kammemanga.
20 Wena nkosi yami, nkosi, amehlo abo bonke abakwa-Israyeli akuwe ukuba ubatshele ukuthi ngubani ozakuhlala esihlalweni sobukhosi senkosi yami, inkosi, emva kwayo,
21 funa, lapho inkosi yami, inkosi, isilele koyise, mina nendodana yami uSolomoni kuthiwe sinecala.”
22 Bheka, esakhuluma nenkosi, wangena uNathani umprofethi.
23 Bayitshela inkosi, bathi: “Bheka, nangu uNathani umprofethi.” Lapho esengene enkosini wakhothama phambi kwenkosi, ubuso bakhe bubheke phansi.
24 UNathani wathi: “Nkosi yami, nkosi, wena ushilo yini ukuthi: ‘U-Adoniya uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi,’ na?
25 Ngokuba wehlile namuhla; uhlabile izinkabi, namathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi, umemile onke amadodana enkosi, nezinduna zempi, no-Abiyathara umpristi; bheka, bayadla, bephuza phambi kwakhe, bathi: ‘Mana njalo, nkosi Adoniya.’