40 Bonke abantu benyuka emva kwakhe, abantu babetha imitshingo. Bathokoza ngokuthokoza okukhulu, kwaze kwangathi kuqhekezeka umhlaba ngomsindo wabo.
41 U-Adoniya nabo bonke abamenyiweyo ababe naye bawuzwa sebeqedile ukudla. UJowabe esezwa ukukhala kwecilongo wathi: “Ngowani lo msindo wokuxokozela emzini na?”
42 Esakhuluma, bheka, kwafika uJonathani indodana ka-Abiyathara umpristi; u-Adoniya wathi: “Ngena, ngokuba wena uyindoda enamandla; uze nodaba oluhle.”
43 UJonathani waphendula, wathi ku-Adoniya: “Qha, inkosi yethu, inkosi uDavide, imbekile uSolomoni inkosi;
44 inkosi ithumile naye uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti, bamkhwelisa kuwo umnyuzi* wenkosi;
45 uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobile eGihoni abe yinkosi; sebenyukile khona bejabula, ngangokuba kwakhamuluka umuzi. Yiwo umsindo eniwuzwile.
46 Futhi uSolomoni usehlezi esihlalweni sobukhosi sombuso.