43 UJonathani waphendula, wathi ku-Adoniya: “Qha, inkosi yethu, inkosi uDavide, imbekile uSolomoni inkosi;
44 inkosi ithumile naye uSadoki umpristi, noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti, bamkhwelisa kuwo umnyuzi* wenkosi;
45 uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobile eGihoni abe yinkosi; sebenyukile khona bejabula, ngangokuba kwakhamuluka umuzi. Yiwo umsindo eniwuzwile.
46 Futhi uSolomoni usehlezi esihlalweni sobukhosi sombuso.
47 Nezinceku zenkosi zafika ukuyibusisa inkosi yethu, inkosi uDavide, ngokuthi: ‘UNkulunkulu wakho makenze igama likaSolomoni libe lihle kunegama lakho, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sakho sobukhosi; inkosi yakhothama embhedeni wayo.’
48 Futhi yasho kanje inkosi, yathi: ‘Makabusiswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli omisile namuhla oyakuhlala esihlalweni sami sobukhosi, ekubona amehlo ami.’ ”
49 Abamenyiweyo bonke baka-Adoniya besaba, basuka, bahamba bonke, kwaba yilowo nalowo ngendlela yakhe.