9 U-Adoniya wahlaba izimvu, nezinkabi, namathole akhuluphalisiweyo ngasetsheni laseZoheleti eliseceleni kwe-Eni Rogeli; wamema bonke abafowabo, amadodana enkosi, nabantu bonke bakwaJuda, izinceku zenkosi;
10 kepha uNathani umprofethi, noBenaya, namaqhawe, noSolomoni umfowabo, kabamemanga.
11 UNathani wathi kuBati Sheba unina kaSolomoni: “Awuzwanga yini ukuthi u-Adoniya indodana kaHagiti uyabusa, uDavide inkosi yethu engakwazi, na?
12 Ngalokho woza ngikululeke ukuba usindise ukuphila kwakho nokuphila kwendodana yakho uSolomoni.
13 Hamba ungene enkosini uDavide, uthi kuyo: ‘Wena nkosi yami, nkosi, awufunganga yini kuyo incekukazi yakho ngokuthi: “USolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi,” na? Pho, kungani ukuba kubuse u-Adoniya na?’
14 Bheka, usakhuluma lapho nenkosi, nami ngiyakungena emva kwakho, ngiqinise amazwi akho.”
15 UBati Sheba wayesengena enkosini ekamelweni; inkosi yayisindala; u-Abishagi waseShunemi wayikhonza inkosi.