1 Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni ngegama likaJehova yeza ukumvivinya ngezimfumbe.
2 Yeza eJerusalema inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha, negolide eliningi kakhulu, namatshe ayigugu; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo.
3 USolomoni wayiphendula ezindabeni zayo zonke. Kwakungekho nto eyayifihlelwe inkosi, engayitshelanga yona.
4 Inkosikazi yaseSheba isibonile konke ukuhlakanipha kukaSolomoni, nendlu ayakhileyo,
5 nokudla kwasetafuleni lakhe, nokuhlala kwezinceku zakhe, nokuma kwezikhonzi zakhe, nezambatho zazo, nabaphathizitsha bakhe, nomnikelo wakhe wokushiswa owanikela ngawo endlini kaJehova, akwabe kusabakho moya kuyo.
6 Yathi enkosini: “Yayiqinisile indaba engayizwa ezweni lami ngamazwi akho nangokuhlakanipha kwakho.
7 Kepha angikholwanga ngamazwi ngaze ngafika, kwabona amehlo ami; bheka, angitshelwanga nanxenye; udlula ngokuhlakanipha nenhlanhla udumo engaluzwa.