11 Nemikhumbi kaHiramu eyathwala igolide livela e-Ofiri yathutha futhi e-Ofiri imi-alimugi* namatshe ayigugu.
12 Ngemi-alimugi* inkosi yenzela indlu kaJehova nendlu yenkosi izinsika kanye namahabhu* nezingubhu zabahlabeleli; imi-alimugi eminingi kangaka ayizange isafika, kayibonwanga futhi, kuze kube namuhla.
13 Inkosi uSolomoni yanika inkosikazi yaseSheba konke ekufunayo nekucelayo ngaphandle kwalokho uSolomoni ayinika khona ngokuphana kwenkosi. Yayisibuya, yaya ezweni layo, yona nezinceku zayo.
14 Isisindo segolide elalifika kuSolomoni iminyaka yonke sasingamatalenta* angamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha egolide
15 ngaphandle kokuvela kubahwebi, nasenzuzweni yabathengisi, nasemakhosini ase-Arabiya, nakubabusi bezwe.
16 Inkosi uSolomoni yenza izihlangu ezingamakhulu amabili zegolide elikhandiweyo, kwaba ngamashekeli* angamakhulu ayisithupha egolide elikhandiweyo kuso isihlangu sisinye,
17 kanjalo namahawu angamakhulu amathathu egolide elikhandiweyo, amamane* amathathu egolide kulo ihawu lilinye; inkosi yawabeka endlini yehlathi laseLebanoni.