9 Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli; ngokuba uJehova wamthanda u-Israyeli kuze kube phakade, ngalokho wakubeka inkosi ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.”
10 Yanika inkosi amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide, namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akuzange kusafika amakha amaningi kangaka njengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wona yinkosikazi yaseSheba.
11 Nemikhumbi kaHiramu eyathwala igolide livela e-Ofiri yathutha futhi e-Ofiri imi-alimugi* namatshe ayigugu.
12 Ngemi-alimugi* inkosi yenzela indlu kaJehova nendlu yenkosi izinsika kanye namahabhu* nezingubhu zabahlabeleli; imi-alimugi eminingi kangaka ayizange isafika, kayibonwanga futhi, kuze kube namuhla.
13 Inkosi uSolomoni yanika inkosikazi yaseSheba konke ekufunayo nekucelayo ngaphandle kwalokho uSolomoni ayinika khona ngokuphana kwenkosi. Yayisibuya, yaya ezweni layo, yona nezinceku zayo.
14 Isisindo segolide elalifika kuSolomoni iminyaka yonke sasingamatalenta* angamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha egolide
15 ngaphandle kokuvela kubahwebi, nasenzuzweni yabathengisi, nasemakhosini ase-Arabiya, nakubabusi bezwe.