13 Nokho wonke umbuso angiyikuwuhlwitha, kepha ngiyakunika indodana yakho isizwe sibe sinye ngenxa kaDavide inceku yami nangenxa yeJerusalema engilikhethileyo.”
14 UJehova wamvusela uSolomoni omelana naye, uHadadi wakwa-Edomi; wayengowozalo lwenkosi yakwa-Edomi.
15 Kwathi uDavide ekwa-Edomi, noJowabe induna yempi enyukele ukumbela ababuleweyo, ebacekile bonke abesilisa kwa-Edomi
16 ngokuba uJowabe naye wonke u-Israyeli bahlala khona izinyanga eziyisithupha, waze waqeda bonke abesilisa kwa-Edomi
17 uHadadi wabaleka, yena nabakwa-Edomi abathile bezinceku zikayise benaye, ukuya eGibithe, uHadadi esengumntwana omncane.
18 Basuka kwaMidiyani, beza ePharanu; bathatha amadoda ePharanu, baya nawo eGibithe kuFaro inkosi yaseGibithe; yena wamnika indlu, wamnqumela ukudla, wamnika nezwe.
19 UHadadi wafumana umusa omkhulu emehlweni kaFaro, waze wamnika umlamu wakhe abe ngumkakhe, udadewabo wenkosikazi uThahipenesi.