24 Lapho uDavide ebabulala, wazibuthela abantu, waba yinduna yeviyo; baya eDamaseku, bahlala khona, babusa eDamaseku.
25 Wamelana no-Israyeli zonke izinsuku zikaSolomoni phezu kokubi akwenzayo uHadadi, wanengwa ngu-Israyeli, wabusa e-Aramu.
26 UJerobowamu indodana kaNebati wakwa-Efrayimi waseSereda, inceku kaSolomoni, ogama likanina lalinguSeruya, umfelokazi, naye waphakamisela enkosini isandla sakhe.
27 Isizathu sokuba aphakamisele isandla sakhe enkosini sasiyilesi: USolomoni wayelakha iMilo, wavala isikhala emzini kaDavide uyise.
28 Leyo ndoda uJerobowamu yayiyiqhawe elinamandla; uSolomoni wayibona leyo nsizwa ukuthi ikhuthele emsebenzini wayo, wayibeka phezu kwawo wonke umsebenzi wendlu kaJosefa.
29 Kwathi ngaleso sikhathi, lapho uJerobowamu ephumile eJerusalema, umprofethi u-Ahiya waseShilo wamfumana endleleni, embethe ingubo entsha; labo bobabili babebodwa endle.
30 U-Ahiya wayibamba leyo ngubo entsha eyayikuye, wayiklebhula imidweshu eyishumi nambili.