29 Kwathi ngaleso sikhathi, lapho uJerobowamu ephumile eJerusalema, umprofethi u-Ahiya waseShilo wamfumana endleleni, embethe ingubo entsha; labo bobabili babebodwa endle.
30 U-Ahiya wayibamba leyo ngubo entsha eyayikuye, wayiklebhula imidweshu eyishumi nambili.
31 Wayesethi kuJerobowamu: “Zithathele imidweshu eyishumi, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: ‘Bheka, ngiyakuhlwitha umbuso esandleni sikaSolomoni, nginike wena izizwe eziyishumi
32 kodwa yena uyakuba nesizwe sibe sinye ngenxa yenceku yami uDavide nangenxa yeJerusalema, umuzi engiwukhethileyo ezizweni zonke zakwa-Israyeli
33 ngokuba bangishiyile, bakhuleka ku-Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni, nakuKemoshi unkulunkulu wakwaMowabi, nakuMilkomu unkulunkulu wabakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami ukwenza okulungile emehlweni ami, nezimiso zami, nezahlulelo zami njengoDavide uyise.
34 “ ‘Nokho angiyikususa wonke umbuso esandleni sakhe, kepha ngiyakumenza abe yisikhulu zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ngenxa kaDavide inceku yami engamkhethayo, owagcina imiyalo yami nezimiso zami;
35 kodwa ngiyakuwukhipha umbuso esandleni sendodana yakhe, ngiwunike wena, izizwe eziyishumi.