33 ngokuba bangishiyile, bakhuleka ku-Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni, nakuKemoshi unkulunkulu wakwaMowabi, nakuMilkomu unkulunkulu wabakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami ukwenza okulungile emehlweni ami, nezimiso zami, nezahlulelo zami njengoDavide uyise.
34 “ ‘Nokho angiyikususa wonke umbuso esandleni sakhe, kepha ngiyakumenza abe yisikhulu zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ngenxa kaDavide inceku yami engamkhethayo, owagcina imiyalo yami nezimiso zami;
35 kodwa ngiyakuwukhipha umbuso esandleni sendodana yakhe, ngiwunike wena, izizwe eziyishumi.
36 Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe sinye, ukuze uDavide inceku yami abe nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema, umuzi engiwukhethileyo ukuba ngibeke khona igama lami.
37 Ngiyakukuthatha wena, ubuse phezu kwakho konke okuthandwa yinhliziyo yakho, ube yinkosi phezu kuka-Israyeli.
38 Kuyakuthi uma ulalela konke engikuyala ngakho, uhambe ngezindlela zami, wenze okulungile emehlweni ami ukugcina izimiso zami nemiyalo yami njengalokho akwenza uDavide inceku yami, ngiyakuba nawe, ngikwakhele indlu eyiyo njengalokho ngamakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli.
39 Ngenxa yalokho ngiyakuyithobisa inzalo kaDavide, kodwa akuyikuba njalonjalo.’ ”