1 URehobowamu waya eShekemi, ngokuba wonke u-Israyeli wayefikile eShekemi ukumbeka inkosi.
2 Kwathi lapho uJerobowamu indodana kaNebati ekuzwile -- ngokuba wayeseGibithe, lapho ayebalekele khona, ebalekele ubuso benkosi uSolomoni; wahlala-ke uJerobowamu eGibithe,
3 kepha bathuma bambiza -- uJerobowamu nebandla lonke lakwa-Israyeli beza, bakhuluma kuRehobowamu, bathi:
4 “Uyihlo wenza ijoka lethu laba lukhuni; ngalokho yenza wena ube lula umsebenzi olukhuni kayihlo nejoka lakhe elisindayo owalibeka phezu kwethu, siyakukukhonza.”
5 Wathi kubo: “Hambani izinsuku zibe zintathu, bese nibuyela kimi.” Basuka-ke abantu.
6 Inkosi uRehobowamu yelulekana namalunga ayemile phambi kukaSolomoni uyise, esekhona, yathi: “Nina ningeluleka ukubuyisela mpenduloni kulaba bantu na?”