15 Inkosi ayilalelanga abantu, ngokuba kwakuyisiyiba esivela kuJehova, ukuze amise izwi lakhe uJehova alikhulumayo ngesandla sika-Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati.
16 Wonke u-Israyeli esebonile ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu babuyisela izwi enkosini, bathi:“Sinasabelo sini kuDavide na?Ifa asinalo endodaneni kaJese.Yana ematendeni akho, Israyeli,zibhekele indlu yakho manje, Davide.”Wayesesuka u-Israyeli, waya ematendeni akhe.
17 Kepha abantwana bakwa-Israyeli abakhe emizini yakwaJuda, uRehobowamu wabusa phezu kwabo.
18 Inkosi uRehobowamu yathuma u-Adoramu owayephezu kwezisebenzi; u-Israyeli wonke wamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobowamu yashesha ukukhwela inqola yayo ukuba ibalekele eJerusalema.
19 U-Israyeli wayeseyihlubuka-ke indlu kaDavide kuze kube namuhla.
20 Kwathi wonke u-Israyeli esezwile ukuthi uJerobowamu ubuyile, bathuma bambizela emhlanganweni, bambeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke; akubangakho muntu olandela indlu kaDavide, isizwe sakwaJuda kuphela.
21 URehobowamu esefikile eJerusalema wabutha yonke indlu yakwaJuda nesizwe sakwaBenjamini, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili, amabutho, ukuba balwe nendlu yakwa-Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu indodana kaSolomoni.