30 Leyo nto yaba yisono, ngokuba abantu baya phambi kwelinye nakwaDani.
31 Wakha nezindlu zezindawo eziphakemeyo, wenza abapristi ngeningi labantu abangesiwo amadodana kaLevi.
32 UJerobowamu wagubha umkhosi ngenyanga yesishiyagalombili ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga njengomkhosi wakwaJuda, wenyukela e-altare; wenze njalo eBethele ukuba ahlabele amathole awenzileyo; wabeka eBethele abapristi bezindawo eziphakemeyo azenzileyo.
33 Wayesenikela e-altare alenzileyo ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesishiyagalombili, inyanga abeyinqumile ngokwakhe nje; wenzela abantwana bakwa-Israyeli umkhosi, wenyukela e-altare ukushisa impepho.