8 Kepha walahla isiluleko samalunga ameluleke ngaso, welulekana nezinsizwa eziyintanga yakhe, ezazimi phambi kwakhe.
9 Wathi kuzo: “Nina ningeluleka ukuba sibuyisele mpenduloni kulaba bantu abakhulume kimi ngokuthi: ‘Yenza ijoka uyihlo alibeka phezu kwethu libe lula,’ na?”
10 Zase zikhuluma kuye izinsizwa eziyintanga yakhe, zithi: “Uyakusho kanje kulaba bantu abakhulume kuwe ngokuthi: ‘Uyihlo walenza ijoka lethu lasinda, kepha wena ulenze libe lula kithina,’ uyakukhuluma kanje kubo, uthi: ‘Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa.
11 Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngiyakunishaya ngawofezela.’ ”
12 UJerobowamu nabantu bonke base befika kuRehobowamu ngosuku lwesithathu njengokusho kwenkosi, ithi: “Buyelani kimi ngosuku lwesithathu.”
13 Inkosi yaphendula abantu kalukhuni, yalahla isiluleko samalunga ameluleke ngaso,
14 yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi: “Ubaba walenza ijoka lenu lasinda, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngiyakunishaya ngawofezela.”