21 URehobowamu indodana kaSolomoni wabusa kwaJuda. URehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema, umuzi awukhethileyo uJehova ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni.
22 UJuda wenza okubi emehlweni kaJehova, bamvusela umhawu naphezu kwakho konke ababekwenzile oyise ngezono zabo abazenzayo.
23 Nabo bazakhela izindawo eziphakemeyo, nezinsika, nawo-Ashera* emagqumeni onke aphakemeyo naphansi kwemithi yonke eluhlaza.
24 Kwakukhona nezifebe zethempeli kulelo zwe; benza njengazo zonke izinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
25 Kwathi ngomnyaka wesihlanu wenkosi uRehobowamu, uShishaki inkosi yaseGibithe wenyukela eJerusalema.
26 Wathatha ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, yebo, wathatha konke, wathatha zonke izihlangu zegolide ezenziwe nguSolomoni.
27 Inkosi uRehobowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo, yazinikela ezandleni zezinduna zabalindi abagcina umnyango wendlu yenkosi.