14 Ezinye izindaba zika-Ela nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
15 Ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ka-Asa inkosi yakwaJuda, uZimri waba yinkosi izinsuku eziyisikhombisa eTirisa. Abantu base bemisile ngaseGibethoni elalingelamaFilisti.
16 Abantu ababemisile bezwa kuthiwa: “UZimri wenzile ugobe, ubulele nenkosi;” ngalokho wonke u-Israyeli wambeka u-Omri induna yempi abe yinkosi phezu kuka-Israyeli ngalolo suku ekamu.*
17 U-Omri wenyuka eGibethoni wonke u-Israyeli enaye, bavimbezela iTirisa.
18 Kwathi uZimri esebonile ukuthi umuzi uthathiwe, wangena enqabeni yendlu yenkosi, wayishisa indlu yenkosi phezu kwakhe ngomlilo, wafa
19 ngenxa yezono zakhe one ngazo ngokwenza okubi emehlweni kaJehova, ngokuhamba endleleni kaJerobowamu nasesonweni sakhe asenzayo ukuba onise u-Israyeli.
20 Ezinye izindaba zikaZimri nogobe alwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?