19 ngenxa yezono zakhe one ngazo ngokwenza okubi emehlweni kaJehova, ngokuhamba endleleni kaJerobowamu nasesonweni sakhe asenzayo ukuba onise u-Israyeli.
20 Ezinye izindaba zikaZimri nogobe alwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
21 Khona abantu bakwa-Israyeli bahlukana kabili; inxenye yabantu yalandela uThibini, indodana kaGinati, ukuba bambeke inkosi, inxenye yalandela u-Omri.
22 Kepha abantu ababemlandela u-Omri bahlula abantu ababemlandela uThibini indodana kaGinati; wayesefa uThibini, u-Omri waba yinkosi.
23 Ngomnyaka wamashumi amathathu nanye ka-Asa inkosi yakwaJuda u-Omri waba yinkosi phezu kuka-Israyeli, wabusa iminyaka eyishumi nambili; wabusa iminyaka eyisithupha eTirisa.
24 Wathenga intaba yaseSamariya kuShemere ngamatalenta* amabili esiliva, wakha entabeni, waqamba igama lomuzi awakhileyo ngegama likaShemere umninintaba ngokuthi iSamariya.
25 Kepha u-Omri wenza okubi emehlweni kaJehova, wenza kabi kunabo bonke ababe ngaphambi kwakhe.