22 Kepha abantu ababemlandela u-Omri bahlula abantu ababemlandela uThibini indodana kaGinati; wayesefa uThibini, u-Omri waba yinkosi.
23 Ngomnyaka wamashumi amathathu nanye ka-Asa inkosi yakwaJuda u-Omri waba yinkosi phezu kuka-Israyeli, wabusa iminyaka eyishumi nambili; wabusa iminyaka eyisithupha eTirisa.
24 Wathenga intaba yaseSamariya kuShemere ngamatalenta* amabili esiliva, wakha entabeni, waqamba igama lomuzi awakhileyo ngegama likaShemere umninintaba ngokuthi iSamariya.
25 Kepha u-Omri wenza okubi emehlweni kaJehova, wenza kabi kunabo bonke ababe ngaphambi kwakhe.
26 Ngokuba wahamba ezindleleni zonke zikaJerobowamu, indodana kaNebati, nasezonweni zakhe onisa ngazo u-Israyeli, baze bacunula uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo.
27 Ezinye izindaba zika-Omri azenzayo namandla awabonakalisayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
28 U-Omri wayeselala koyise, wembelwa eSamariya; u-Ahabi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.