6 UBahasha wayeselala koyise, wembelwa eTirisa; u-Ela indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
7 Kwafika ngesandla somprofethi uJehu indodana kaHanani izwi likaJehova ngoBahasha nendlu yakhe ngenxa yakho konke okubi akwenza emehlweni kaJehova ukuthi wamcunula ngomsebenzi wezandla zakhe, waba njengendlu kaJerobowamu, nangenxa yokuba wayiqothula.
8 Ngomnyaka wamashumi amabili nesithupha ka-Asa, inkosi yakwaJuda, u-Ela, indodana kaBahasha, waqala ukubusa phezu kuka-Israyeli eTirisa, wabusa iminyaka emibili.
9 Inceku yakhe uZimri, induna yenxenye yezinqola zakhe, yamenzela ugobe; eseTirisa ephuzile waze wadakwa endlini ka-Arisa owayephezu kwabendlu yaseTirisa,
10 uZimri wangena, wamshaya, wambulala ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ka-Asa inkosi yakwaJuda, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
11 Kwathi esaqala nje ukubusa, esehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, wabulala yonke indlu kaBahasha, kamshiyelanga nomntwana oyedwa owesilisa kwabazalana naye nakubo abangane bakhe.
12 UZimri waqeda kanjalo yonke indlu kaBahasha, njengezwi likaJehova alikhuluma ngoBahasha ngesandla sikaJehu umprofethi,