9 Inceku yakhe uZimri, induna yenxenye yezinqola zakhe, yamenzela ugobe; eseTirisa ephuzile waze wadakwa endlini ka-Arisa owayephezu kwabendlu yaseTirisa,
10 uZimri wangena, wamshaya, wambulala ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ka-Asa inkosi yakwaJuda, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
11 Kwathi esaqala nje ukubusa, esehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, wabulala yonke indlu kaBahasha, kamshiyelanga nomntwana oyedwa owesilisa kwabazalana naye nakubo abangane bakhe.
12 UZimri waqeda kanjalo yonke indlu kaBahasha, njengezwi likaJehova alikhuluma ngoBahasha ngesandla sikaJehu umprofethi,
13 ngenxa yezono zonke zikaBahasha nezono zika-Ela indodana yakhe one ngazo, futhi onise ngazo u-Israyeli, baze bacunula uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo.
14 Ezinye izindaba zika-Ela nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
15 Ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ka-Asa inkosi yakwaJuda, uZimri waba yinkosi izinsuku eziyisikhombisa eTirisa. Abantu base bemisile ngaseGibethoni elalingelamaFilisti.