1 U-Eliya waseThishibi, owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, engimi phambi kwakhe, akuyikubakho mazolo namvula kule minyaka, kuphela ngesiyalezo sezwi lami.”
2 Izwi likaJehova lafika kuye, lathi:
3 “Suka lapha, uye ngasempumalanga, ucashe ngasemfudlaneni iKeriti ongaphambi kweJordani.
4 Kuyakuthi uphuze emfudlaneni; ngiyalile amagwababa ukuba akondle khona.”
5 Wahamba wenza njengezwi likaJehova, ngokuba wahamba wahlala ngasemfudlaneni iKeriti ongaphambi kweJordani.
6 Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni, nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni.
7 Kwathi ekupheleni kwezinsuku umfudlana washa, ngokuba yayingekho imvula ezweni.