16 Imbiza yempuphu ayiphelanga, nophiso lwamafutha aluswelanga njengezwi likaJehova alikhulumile ngesandla sika-Eliya.
17 Kwathi emva kwalokho indodana yalowo mfelokazi, umnikazindlu, yagula; ukugula kwayo kwaba namandla kangaka ngangokuba yayingasenakho ukuphefumula.
18 Wayesethi ku-Eliya: “Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na? Uze kimi ukuba kukhumbuleke isono sami nokuba kubulawe indodana yami.”
19 Kepha wathi kuye: “Nginike indodana yakho.” Wayithatha esifubeni sakhe, wayikhuphulela ekamelweni eliphezulu lapho ehlala khona, wayibeka embhedeni wakhe.
20 Wayesekhala kuJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu wami, usuwehlisele nalo mfelokazi engigogobele kwakhe okubi okungaka uze ubulale indodana yakhe na?”
21 Wazelula phezu komntwana kathathu, wakhala kuJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu wami, umphefumulo walo mntwana mawubuyele kuye.”
22 UJehova walizwa izwi lika-Eliya; umphefumulo womntwana wabuyela kuye, waphila.