1 Kwathi emva kwezinsuku eziningi izwi likaJehova lafika ku-Eliya ngomnyaka wesithathu, lathi: “Hamba uzibonakalise ku-Ahabi; ngiyakunisa imvula emhlabeni.”
2 Wayesehamba u-Eliya ukuzibonakalisa ku-Ahabi. Indlala yayinamandla eSamariya.
3 U-Ahabi wabiza u-Obadiya owayephezu kwendlu yakhe. U-Obadiya wayemesaba kakhulu uNkulunkulu,
4 ngokuba kwathi lapho u-Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova, u-Obadiya wathatha abaprofethi abayikhulu, wabafihla emhumeni ngamashumi ayisihlanu, wabondla ngesinkwa nangamanzi.