17 Kwathi u-Ahabi esembonile u-Eliya, u-Ahabi wathi kuye: “Nguwe ongumhluphi wakwa-Israyeli na?”
18 Kodwa wathi: “Mina angimhluphanga u-Israyeli, kepha nguwe nendlu kayihlo, ngokuyilahla imiyalo kaJehova, uze ulandele oBali.
19 Ngalokho thumela ubuthe kimi u-Israyeli wonke entabeni yaseKarmeli, nabaprofethi bakaBali abangamakhulu amane namashumi ayisihlanu, nabaprofethi baka-Ashera* abangamakhulu amane abadla etafuleni lika-Izebeli.”
20 U-Ahabi wayesethumela kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, wabutha abaprofethi entabeni yaseKarmeli.
21 U-Eliya wasondela kubo bonke abantu, wathi: “Koze kube nini nimanqikanqika phakathi kwezinhlangothi ezimbili na? Uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni yena, kepha uma kunguBali, mlandeleni yena.” Kodwa abantu kabamphendulanga ngazwi.
22 Wayesethi u-Eliya kubantu: “Yimi ngedwa oseleyo engumprofethi kaJehova, kepha abaprofethi bakaBali bangabantu abangamakhulu amane namashumi ayisihlanu.
23 Mabasinike izinkunzi ezimbili, bazikhethele inkunzi ibenye, bayihlahlele, bayibeke phezu kwezinkuni, bangafaki umlilo; mina ngiyakuyilungisa enye inkunzi, ngiyibeke phezu kwezinkuni, ngingafaki umlilo.