22 Wayesethi u-Eliya kubantu: “Yimi ngedwa oseleyo engumprofethi kaJehova, kepha abaprofethi bakaBali bangabantu abangamakhulu amane namashumi ayisihlanu.
23 Mabasinike izinkunzi ezimbili, bazikhethele inkunzi ibenye, bayihlahlele, bayibeke phezu kwezinkuni, bangafaki umlilo; mina ngiyakuyilungisa enye inkunzi, ngiyibeke phezu kwezinkuni, ngingafaki umlilo.
24 Libizeni igama likankulunkulu wenu, mina ngibize igama likaJehova; bese kuthi uNkulunkulu ophendula ngomlilo abe nguye onguNkulunkulu.”Bonke abantu bathi: “Lihle leli zwi.”
25 U-Eliya wayesethi kubaprofethi bakaBali: “Zikhetheleni inkunzi, niyilungise kuqala, ngokuba nibaningi, nibize igama likankulunkulu wenu, ningafaki umlilo nokho.”
26 Bayithatha inkunzi abayinikwayo, bayilungisa, balibiza igama likaBali kwasekuseni kwaze kwaba semini ngokuthi: “Bali, siphenduleni;” kepha akubangakho zwi, nophendulayo wayengekho. Baxhuma ngase-altare ebelenziwe.
27 Kwathi ngasemini u-Eliya wadlala ngabo, wathi: “Memezani ngezwi elikhulu; noma engunkulunkulu, mhlawumbe uyazindla, noma echezukile nje, noma esohambeni, noma elele edinga ukuvuswa.”
28 Base bememeza ngezwi elikhulu, bazisika ngawomese nangemikhonto ngomthetho wabo, kwaze kwatshaza igazi kubo.