25 U-Eliya wayesethi kubaprofethi bakaBali: “Zikhetheleni inkunzi, niyilungise kuqala, ngokuba nibaningi, nibize igama likankulunkulu wenu, ningafaki umlilo nokho.”
26 Bayithatha inkunzi abayinikwayo, bayilungisa, balibiza igama likaBali kwasekuseni kwaze kwaba semini ngokuthi: “Bali, siphenduleni;” kepha akubangakho zwi, nophendulayo wayengekho. Baxhuma ngase-altare ebelenziwe.
27 Kwathi ngasemini u-Eliya wadlala ngabo, wathi: “Memezani ngezwi elikhulu; noma engunkulunkulu, mhlawumbe uyazindla, noma echezukile nje, noma esohambeni, noma elele edinga ukuvuswa.”
28 Base bememeza ngezwi elikhulu, bazisika ngawomese nangemikhonto ngomthetho wabo, kwaze kwatshaza igazi kubo.
29 Kwathi lapho isidlulile imini, baprofetha kwaze kwanikelwa ngomnikelo wempuphu, kepha akubangakho zwi, nophendulayo, nonakekelayo.
30 U-Eliya wayesethi kubantu bonke: “Sondelani kimi.” Bonke abantu basondela kuye. Wayeselungisa i-altare likaJehova elalidiliziwe.
31 U-Eliya wathatha amatshe ayishumi nambili njengomumo wezizwe zamadodana kaJakobe okweza kuye izwi likaJehova, lathi: “Igama lakho lizakuba ngu-Israyeli.”