4 ngokuba kwathi lapho u-Izebeli ebulala abaprofethi bakaJehova, u-Obadiya wathatha abaprofethi abayikhulu, wabafihla emhumeni ngamashumi ayisihlanu, wabondla ngesinkwa nangamanzi.
5 U-Ahabi wathi ku-Obadiya: “Hamba ezweni, uye emithonjaneni yonke yamanzi nasemifudlaneni yonke; mhlawumbe singafumana utshani, sisindise amahhashi neminyuzi,* izilwane zingabhubhi.”
6 Base bahlukaniselana izwe ukuba balidabule: u-Ahabi wahamba ngenye indlela eyedwa, u-Obadiya naye wahamba ngenye indlela eyedwa.
7 U-Obadiya esendleleni, bheka, kwahlangana naye u-Eliya, wambona, wawa ngobuso, wathi: “Wena uyinkosi yami u-Eliya na?”
8 Wathi kuye: “Yimi; hamba utshele inkosi yakho ukuthi: ‘Nangu u-Eliya.’ ”
9 Wayesethi kuye: “Ngoneni ukuba unikele inceku yakho esandleni sika-Ahabi ukungibulala na?
10 Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu wakho, akukho sizwe nambuso lapho inkosi yami ingathumanga khona ukukufuna, nanxa bethi akakho lapha, yafungisa umbuso nesizwe ukuthi abakufumananga.