22 Inkosi uSolomoni yaphendula, yathi kunina: “Umcelelelani u-Adoniya u-Abishagi waseShunemi na? Mcelele nombuso futhi, ngokuba ungumnewethu; yebo, mcelele yena no-Abiyathara umpristi, noJowabe indodana kaSeruya.”
23 Inkosi uSolomoni yayisifunga uJehova ngokuthi: “UNkulunkulu makenze njalo kimi, enezele futhi, uma u-Adoniya engakhulumanga leli zwi libe ngelokufa kwakhe.
24 Ngalokho, kuphila kukaJehova ongiqinisileyo, wangibeka esihlalweni sobukhosi sikaDavide ubaba, wangenza indlu njengokukhuluma kwakhe; namhla nje uyakubulawa u-Adoniya.”
25 Inkosi uSolomoni yayisithumela ngesandla sikaBenaya indodana kaJehoyada: wamsukela; wafa.
26 Inkosi yathi ku-Abiyathara umpristi: “Hamba uye e-Anathoti emasimini akho, lokhu ungowokufa, kepha angiyikukubulala namuhla, ngokuba wawuwuthwala umphongolo weNkosi uJehova phambi kukaDavide ubaba, wahlupheka ngakho konke ubaba ahlupheka ngakho.”
27 USolomoni wayesemxosha u-Abiyathara, angabe esaba ngumpristi kuJehova, ukuba agcwalise izwi likaJehova alikhuluma ngendlu ka-Eli eShilo.
28 Lapho kufika umbiko kuJowabe ngokuba uJowabe -- wayemlandele u-Adoniya noma engamlandelanga u-Abisalomu uJowabe -- wabaleka, waya etendeni likaJehova, wabamba izimpondo ze-altare.