28 Lapho kufika umbiko kuJowabe ngokuba uJowabe -- wayemlandele u-Adoniya noma engamlandelanga u-Abisalomu uJowabe -- wabaleka, waya etendeni likaJehova, wabamba izimpondo ze-altare.
29 Inkosi uSolomoni yatshelwa ukuthi: “UJowabe ubalekele etendeni likaJehova; bheka, ungase-altare.” USolomoni wayesethuma uBenaya indodana kaJehoyada ngokuthi: “Hamba, umsukele.”
30 UBenaya wafika etendeni likaJehova, wathi kuye: “Isho kanje inkosi, ithi: ‘Phuma.’ ”Wathi: “Qha, ngiyakufela lapha.”UBenaya wabuyisela enkosini izwi lokuthi: “Washo njalo uJowabe, wangiphendula kanjalo.”
31 Inkosi yathi kuye: “Yenza njengokusho kwakhe, umsukele, ummbele, ukuba ususe kimi nakuyo indlu kababa igazi elachithwa ngeze nguJowabe.
32 UJehova uyakulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe, ngokuba wasukela amadoda amabili alungileyo amahle kunaye, wawabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi: u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakwa-Israyeli, no-Amasa indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda.
33 Igazi labo liyakubuyela ekhanda likaJowabe nasekhanda lenzalo yakhe kuze kube phakade; kepha kuDavide, nakuyo inzalo yakhe, nakuyo indlu yakhe, nakuso isihlalo sakhe sobukhosi kuyakuba ngukuthula kuze kube phakade, kuvela kuJehova.”
34 Wayesenyuka uBenaya indodana kaJehoyada, wamsukela, wambulala; wembelwa endlini yakhe ehlane.