33 Igazi labo liyakubuyela ekhanda likaJowabe nasekhanda lenzalo yakhe kuze kube phakade; kepha kuDavide, nakuyo inzalo yakhe, nakuyo indlu yakhe, nakuso isihlalo sakhe sobukhosi kuyakuba ngukuthula kuze kube phakade, kuvela kuJehova.”
34 Wayesenyuka uBenaya indodana kaJehoyada, wamsukela, wambulala; wembelwa endlini yakhe ehlane.
35 Inkosi yayisimbeka uBenaya indodana kaJehoyada phezu kwempi esikhundleni sakhe; uSadoki umpristi inkosi yambeka esikhundleni sika-Abiyathara.
36 Inkosi yathuma yambiza uShimeyi, yathi kuye: “Zakhele indlu eJerusalema, uhlale khona, ungaphumi lapho ukuya ndawo.
37 Ngokuba mhla uphuma, uwele umfudlana iKidroni, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa; igazi lakho liyakuba sekhanda lakho.”
38 Wayesethi uShimeyi enkosini: “Lelo zwi lilungile; inceku yakho iyakwenza njengokusho kwenkosi yami, inkosi.” UShimeyi wahlala eJerusalema izinsuku eziningi.
39 Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emithathu izinceku ezimbili zikaShimeyi zabaleka, zaya ku-Akhishi indodana kaMahakha inkosi yaseGati. UShimeyi watshelwa ukuthi: “Bheka, izinceku zakho ziseGati.”