43 Pho, awugcinanga ngani isifungo sikaJehova nomyalo engakuyala ngakho na?”
44 Inkosi yathi futhi kuShimeyi: “Wena uyazi konke okubi okwaziwa yinhliziyo yakho, owakwenza kuDavide ubaba; ngalokho uJehova uyakubuyisela ububi bakho ekhanda lakho.
45 Kepha inkosi uSolomoni iyakubusiswa, nesihlalo sobukhosi sikaDavide siyakuqiniswa phambi kukaJehova kuze kube phakade.”
46 Ngokuyala kwenkosi uBenaya indodana kaJehoyada waphuma wamsukela; wafa. Umbuso wawusulokhu uqiniswa njalo esandleni sikaSolomoni.