9 Ngalokho ungamyeki abe ngongenacala, ngokuba wena ungumuntu ohlakaniphileyo, uyakwazi okufanele ukuba ukwenze kuye, wehlise impunga endaweni yabafileyo inegazi.”
10 UDavide wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide.
11 Izinsuku uDavide abusa ngazo phezu kuka-Israyeli zaziyiminyaka engamashumi amane; iminyaka eyisikhombisa wabusa eHebroni, iminyaka engamashumi amathathu nantathu wabusa eJerusalema.
12 USolomoni wayesehlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide uyise; umbuso wakhe waqiniswa kakhulu.
13 Wayesefika u-Adoniya indodana kaHagiti kuBati Sheba unina kaSolomoni. Wathi: “Uze nokuthula na?”Wathi yena: “Yebo, ngize nokuthula.”
14 Wayesethi: “Nginendaba kuwe.”Wathi: “Khuluma.”
15 Wathi-ke: “Uyazi wena ukuthi umbuso wawungowami nokuthi wonke u-Israyeli wabhekisa kimi ubuso bakhe ukuba ngibuse; kepha umbuso usuguquliwe, sewaba ngowomfowethu, ngokuba wawuthola kuJehova.