1 UBeni Hadadi inkosi yase-Aramu wabutha yonke impi yakhe; wayenamakhosi angamashumi amathathu nambili, namahhashi, nezinqola; wenyuka, wavimbezela iSamariya, walwa nalo,
2 wathuma izithunywa ku-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli emzini,
3 wathi kuye: “Usho kanje uBeni Hadadi, uthi: ‘Isiliva lakho negolide lakho lingelami, nawomkakho nabantwana bakho abahle bangabami.’ ”
4 Inkosi yakwa-Israyeli yaphendula yathi: “Kunjengokusho kwakho, nkosi yami, nkosi: Ngingowakho nakho konke enginakho.”
5 Kepha izithunywa zabuya, zathi: “Usho kanje uBeni Hadadi, uthi: ‘Ngathumela kuwe, ngathi: Uyakunikela kimi isiliva lakho negolide lakho, nawomkakho, nabantwana bakho,
6 kepha ngalesi sikhathi kusasa ngiyakuthuma izinceku zami kuwe, ziyalule indlu yakho nezindlu zezinceku zakho; kuyakuthi konke okuhle emehlweni akho zikufake esandleni sazo, zikususe.’ ”
7 Inkosi yakwa-Israyeli yayisibiza onke amalunga ezwe, yathi: “Ake niqaphele, nibone ukuthi lowo muntu ufuna okubi, ngokuba wathumela kimi ngawomkami, nangabantwana bami, nangesiliva lami, nangegolide lami, angimnqabelanga.”