16 Baphuma emini. Kepha uBeni Hadadi wayephuza waze wadakwa emadokodweni, yena namakhosi, amakhosi angamashumi amathathu nambili amsizayo.
17 Izinsizwa zezikhulu zezifunda zaphuma kuqala; uBeni Hadadi wathumela, bamtshela ukuthi kuphume abantu eSamariya.
18 Wathi: “Noma bephumele ukuthula, babambeni besaphila, noma bephumele ukulwa, babambeni besaphila.”
19 Zaphuma-ke emzini izinsizwa lezo zezikhulu zezifunda kanye nempi eyazilandela.
20 Babulala, kwaba yilowo nalowo umuntu wakhe; ama-Aramu abaleka, u-Israyeli wawaxosha; uBeni Hadadi inkosi yama-Aramu waphunyuka ngehhashi kanye nabamahhashi.
21 Inkosi yakwa-Israyeli yaphuma, yagenca amahhashi nezinqola, yabulala ama-Aramu ngokuceka okukhulu.
22 Umprofethi wasondela enkosini yakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Hamba uziqinise, uqaphele, ubone oyakukwenza, ngokuba emva komnyaka inkosi yama-Aramu iyakwenyuka ukulwa nawe.”