24 Futhi yenza lokhu: Susa amakhosi onke, kube yileyo naleyo endaweni yayo, ubeke ababusi ezikhundleni zawo,
25 uzibalele impi njengaleyo mpi olahlekelwe yiyo, ihhashi ngehhashi, inqola ngenqola, silwe nabo ethafeni, sibahlule impela.” Yalalela izwi labo, yenze njalo.
26 Kwathi emva komnyaka uBeni Hadadi wabala ama-Aramu, wenyukela e-Afeki ukuba alwe no-Israyeli.
27 Abantwana bakwa-Israyeli babalwa, baphiwa ukudla, bahamba ukuhlangabezana nabo; abakwa-Israyeli bamisa phambi kwabo njengemihlanjana emibili yamazinyane ezimbuzi, kepha ama-Aramu agcwalisa izwe.
28 Wayesesondela umuntu kaNkulunkulu, wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngokuba ama-Aramu eshilo ukuthi uJehova ungunkulunkulu wezintaba, kasiye unkulunkulu wezigodi, ngiyakusinikela sonke lesi sixuku esikhulu esandleni sakho, nize nazi ukuthi nginguJehova.’ ”
29 Base bemisile bebhekana izinsuku eziyisikhombisa. Kwathi ngosuku lwesikhombisa kwaqala ukuliwa; abantwana bakwa-Israyeli babulala ama-Aramu ayizinkulungwane eziyikhulu ayimigundatshani ngalusuku lunye.
30 Abaseleyo babalekela emzini wase-Afeki; ugange lwawela phezu kwabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesikhombisa abaseleyo. Naye uBeni Hadadi wabaleka, wangena emzini amakamelo ngamakamelo.