35 Umuntu othile wamadodana abaprofethi wathi kumngane wakhe ngezwi likaJehova: “Ake ungishaye.” Kepha lowo muntu wala ukushaya.
36 Wayesethi kuye: “Ngokuba ungalalelanga izwi likaJehova, bheka, uyakwanele ukusuka nje kimi, ingonyama ikubulale.” Wanele wasuka nje kuye, ingonyama yamfumana, yambulala.
37 Wayesefumana omunye umuntu, wathi: “Ake ungishaye.” Lowo muntu wamshaya; wamshaya, wamlimaza.
38 Wayesesuka umprofethi, walindela inkosi endleleni, waziguqula ngeqhele elalisemehlweni akhe.
39 Kwathi inkosi isidlula, wamemeza enkosini, wathi: “Inceku yakho yaphumela phakathi kokulwa; bheka, kwabuya umuntu owaletha kimi omunye, wathi: ‘Linda lo muntu; uma elahleka, ukuphila kwakho kuyakuba sesikhundleni sokuphila kwakhe, noma uyakukhokha italenta* lesiliva.’
40 Kwathi lapho inceku yakho isasebenza ngalapha nangalapha, kanti wayesehambile.”Yayisithi kuye inkosi yakwa-Israyeli: “Kunjalo ukwahlulelwa kwakho; nguwe onqumile.”
41 Washesha wasusa iqhele emehlweni akhe; yayisimbona inkosi yakwa-Israyeli ukuthi ungowabaprofethi.