42 UJehoshafati wayeneminyaka engamashumi amathathu nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amabili nanhlanu eJerusalema. Igama likanina lalingu-Azuba indodakazi kaShilehi.
43 Wahamba ngezindlela zonke zika-Asa uyise, kaphambukanga kuzo, enza okulungile emehlweni kaJehova. Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesanikela, babesashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
44 UJehoshafati wenza ukuthula nenkosi yakwa-Israyeli.
45 Ezinye izindaba zikaJehoshafati, namandla awabonakalisayo, nokulwa kwakhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
46 Insali yezifebe zethempeli ezazisasele emihleni kayise u-Asa wayixosha ezweni.
47 Kwakungekho nkosi kwa-Edomi; kwabusa umbambeli.
48 UJehoshafati walungisa imikhumbi yaseTharishishi ukuba iye e-Ofiri ukulanda igolide, kepha ayihambanga, ngokuba imikhumbi yaphuka e-Esiyoni Geberi.