13 Ngikunika futhi nalokho ongakucelanga, imfuyo nodumo, ngangokuba kungayikubakho onjengawe phakathi kwamakhosi zonke izinsuku zakho.
14 Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine izimiso zami nemiyalo yami, njengalokho uyihlo uDavide wahamba, ngiyakwandisa izinsuku zakho.”
15 USolomoni wayesephaphama; bheka, kwakuyiphupho; waya eJerusalema, wema phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova, wanikela ngeminikelo yokushiswa, wanikela ngeminikelo yokuthula, wazenzela izinceku zakhe zonke idili.
16 Khona kwafika enkosini abesifazane ababili abayizifebe, bema phambi kwayo.
17 Omunye owesifazane wathi: “E nkosi, mina nalo wesifazane sihlala ndlininye; ngabeletha nginaye endlini.
18 Kwathi ngosuku lwesithathu sengibelethile, lo wesifazane wabeletha naye; sasindawonye, kwakungekho mfokazi nathi endlini, kuyithina sobabili kuphela.
19 “Umfana walo wesifazane wafa ebusuku, ngokuba walala phezu kwakhe.