15 USolomoni wayesephaphama; bheka, kwakuyiphupho; waya eJerusalema, wema phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova, wanikela ngeminikelo yokushiswa, wanikela ngeminikelo yokuthula, wazenzela izinceku zakhe zonke idili.
16 Khona kwafika enkosini abesifazane ababili abayizifebe, bema phambi kwayo.
17 Omunye owesifazane wathi: “E nkosi, mina nalo wesifazane sihlala ndlininye; ngabeletha nginaye endlini.
18 Kwathi ngosuku lwesithathu sengibelethile, lo wesifazane wabeletha naye; sasindawonye, kwakungekho mfokazi nathi endlini, kuyithina sobabili kuphela.
19 “Umfana walo wesifazane wafa ebusuku, ngokuba walala phezu kwakhe.
20 Wavuka phakathi kwamabili, wathatha umfana wami eceleni kwami, incekukazi yakho ilele ubuthongo, wambeka esifubeni sakhe, wabeka umfana wakhe ofileyo esifubeni sami.
21 Lapho sengivuka ekuseni ukuba ngimncelise umfana wami, bheka, wayesefile; kepha sengimbhekisisa ekuseni, bheka, kwakungesiye umfana wami engimzeleyo.”