28 Nebhali,* nefoliji* lamahhashi, namahhashi anejubane zakuletha endaweni lapho zikhona, kwaba yileyo naleyo njengokunqunyelwe yona.
29 UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nengqondo ebanzi kakhulu, nenhliziyo enkulu ngangesihlabathi esisogwini lolwandle.
30 Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwadlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibithe.
31 Ngokuba wayehlakaniphile kunabo bonke abantu: kuno-Ethani umEzra, noHemani, noKalikoli, noDarda amadodana kaMaholi, negama lakhe lalisezizweni zonke nxazonke.
32 Waqamba izaga eziyizinkulungwane ezintathu; amaculo akhe ayeyinkulungwane nanhlanu.
33 Wakhuluma ngemithi kusukela kuwo umsedari* oseLebanoni kuze kube kulo ihisopi* elimila odongeni; wakhuluma nangezinkomo, nangezinyoni, nangezilwanyana ezinwabuzelayo, nangezinhlanzi.
34 Kwafika abantu basezizweni zonke ukuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni bevela emakhosini onke abezwile ukuhlakanipha kwakhe.