1 Kwathi ngomnyaka wamakhulu amane namashumi ayisishiyagalombili emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngomnyaka wesine wokubusa kukaSolomoni phezu kwabakwa-Israyeli, ngenyanga kaZivi eyinyanga yesibili, waqala ukwakha indlu kaJehova.
2 Indlu inkosi uSolomoni eyayakhela uJehova, ubude bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisithupha, nobubanzi bayo babungezingamashumi amabili, nokuphakama kwayo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu.
3 Umpheme ngaphambili kwendlu yethempeli wawuyizingalo ezingamashumi amabili ubude bawo maqondana nobubanzi bendlu; ububanzi bawo babuyizingalo eziyishumi ngaphambi kwendlu.
4 Wenzela indlu amafasitele anamahele angenakususwa.