16 Wakha futhi izingalo ezingamashumi amabili ngaseceleni lendlu lasemuva ngamapulangwe emisedari* kusukela phansi kuze kufike emishayweni, wazakhela phakathi okwaba yigumbi, okuyindawo engcwelengcwele.
17 Indlu yangaphambili yethempeli yayiyizingalo ezingamashumi amane.
18 Kwakungumsedari* ngaphakathi endlini, kubaziwe ngezintangazane nangezimbali eziqhakazileyo; konke kwakungumsedari, akubonakalanga tshe khona.
19 Walungisa igumbi phakathi endlini ukuba kubekwe khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova.
20 Phambi kwegumbi kwakuyizingalo ezingamashumi amabili ubude, nezingalo ezingamashumi amabili ngobubanzi, nezingalo ezingamashumi amabili ngokuphakama; wakunameka ngegolide elicwengekileyo, walembesa i-altare imisedari.*
21 USolomoni wayinameka indlu phakathi ngegolide elicwengekileyo, walivalela igumbi ngamaketanga egolide; walinameka nalo ngegolide.
22 Wanameka-ke yonke indlu ngegolide, yaze yaphelela indlu yonke; ne-altare lonke elalisegumbini walinameka ngegolide.