18 Kwakungumsedari* ngaphakathi endlini, kubaziwe ngezintangazane nangezimbali eziqhakazileyo; konke kwakungumsedari, akubonakalanga tshe khona.
19 Walungisa igumbi phakathi endlini ukuba kubekwe khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova.
20 Phambi kwegumbi kwakuyizingalo ezingamashumi amabili ubude, nezingalo ezingamashumi amabili ngobubanzi, nezingalo ezingamashumi amabili ngokuphakama; wakunameka ngegolide elicwengekileyo, walembesa i-altare imisedari.*
21 USolomoni wayinameka indlu phakathi ngegolide elicwengekileyo, walivalela igumbi ngamaketanga egolide; walinameka nalo ngegolide.
22 Wanameka-ke yonke indlu ngegolide, yaze yaphelela indlu yonke; ne-altare lonke elalisegumbini walinameka ngegolide.
23 Egumbini wenza amakherubi* amabili ngomnqumo, yilelo nalelo liyizingalo eziyishumi ukuphakama kwalo.
24 Elinye iphiko lekherubi laliyizingalo eziyisihlanu, nelinye iphiko lekherubi laliyizingalo eziyisihlanu; kusukela esihlokweni selinye iphiko kuze kufike esihlokweni selinye kwakuyizingalo eziyishumi.