5 Ngasodongeni lwendlu wakha izimpondo nxazonke ngasezindongeni zendlu nxazonke, ethempelini nasegumbini; wenza amakamelo asezinhlangothini nxazonke;
6 uphondo lwangaphansi lwaluyizingalo eziyisihlanu ububanzi balo, noluphakathi lwaluyizingalo eziyisithupha ububanzi balo, nolwesithathu lwaluyizingalo eziyisikhombisa ububanzi balo; ngokuba ngaphandle wenza uqaqa endlini nxazonke, ukuze imishayo ingangeni ezindongeni zendlu.
7 Indlu isakhiwa yakhiwa ngamatshe alungiswa enkwalini; akuzwakalanga sando nazembe naphiki* nanto yensimbi, isakhiwa.
8 Umnyango wekamelo lohlangothi eliphakathi wawuseceleni lokunene lendlu; kwakhushukwa ngezikhwelo ezishwilayo ukuya ophondweni olungaphakathi, kuphunywe kolungaphakathi kuyiwe kolwesithathu.
9 Wakha-ke kanjalo indlu, wayiqeda, wayifulela indlu ngemishayo nangamapulangwe emisedari.*
10 Wakha izimpondo zangasendlini yonke, yilolo nalolo lwaba yizingalo eziyisihlanu ukuphakama kwalo; zanamathela endlini ngemithi yemisedari.*
11 Izwi likaJehova lafika kuSolomoni, lathi: