16 Wenza izihloko ezimbili ngethusi elibunjiweyo ukuba zibekwe phezu kwezinsika; ubude besinye isihloko babuyizingalo eziyisihlanu, nobude besinye isihloko babuyizingalo eziyisihlanu.
17 Kwakukhona ezihlokweni ezaziphezu kwezinsika imihlobiso yamanetha amahele, nezinsephe ezenziwe njengamaketanga, kuyisikhombisa kwesinye isihloko, nesikhombisa kwesinye.
18 Wenza amapomegranati;* kwakuyizinhla ezimbili nxazonke kwelinye inetha ukwembesa izihloko ezaziphezu kwezinsika; wenze njalo nakwesinye isihloko.
19 Izihloko ezaziphezu kwezinsika zasemphemeni zafaniswa neminduze; zaziyizingalo ezine.
20 Kwakukhona izihloko naphezu kwezinsika zombili eduze nesisu esasiseceleni kwenetha; amapomegranati* ayengamakhulu amabili, eyizinhla nxazonke phezu kwesinye isihloko.
21 Wazimisa izinsika ngasemphemeni wethempeli; wayimisa insika yokunene, waqamba igama layo ngokuthi uJakini, wayimisa nensika yasokhohlo, waqamba igama layo ngokuthi uBowazi.
22 Ezihlokweni zezinsika kwakukhona okufanisiwe neminduze; kwaphela kanjalo umsebenzi wezinsika.