20 Kwakukhona izihloko naphezu kwezinsika zombili eduze nesisu esasiseceleni kwenetha; amapomegranati* ayengamakhulu amabili, eyizinhla nxazonke phezu kwesinye isihloko.
21 Wazimisa izinsika ngasemphemeni wethempeli; wayimisa insika yokunene, waqamba igama layo ngokuthi uJakini, wayimisa nensika yasokhohlo, waqamba igama layo ngokuthi uBowazi.
22 Ezihlokweni zezinsika kwakukhona okufanisiwe neminduze; kwaphela kanjalo umsebenzi wezinsika.
23 Wenza nolwandle olubunjiweyo; lwaluyizingalo eziyishumi kusukela kolunye udini kuze kufike kolunye, lwaluyisiyingelezi; ukuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umucu oyizingalo ezingamashumi amathathu waluzungeza nxazonke.
24 Phansi kodini lwalo nxazonke kwakukhona izintangazane ezaluzungezayo izingalo eziyishumi, zizungeza ulwandle nxazonke; izintangazane zazisezinhleni ezimbili, zibunjiwe ekubunjweni kwalo.
25 Lwalumi phezu kwezinkabi eziyishumi nambili, ezintathu zibheke ngasenyakatho, ezintathu zibheke ngasentshonalanga, ezintathu zibheke ngaseningizimu, ezintathu zibheke ngasempumalanga; ulwandle lwalumiswe phezu kwazo, zonke zifulathelene.
26 Uhlonze lwalo lwalungangobubanzi besandla; udini lwalo lwalwenziwe njengodini lwendebe lunjengembali yomnduze; lwalulingene namabhati* ayizinkulungwane ezimbili.