26 Uhlonze lwalo lwalungangobubanzi besandla; udini lwalo lwalwenziwe njengodini lwendebe lunjengembali yomnduze; lwalulingene namabhati* ayizinkulungwane ezimbili.
27 Wenza izinqe eziyishumi zethusi; ubude besinqe sisinye babuyizingalo ezine, nobubanzi baso babuyizingalo ezine, nokuphakama kwaso kwakuyizingalo ezintathu.
28 Lezo zinqe zazenziwe kanje: zazinezindini; izindini zaziphakathi kwezinsiko;
29 kuzo izindini ezaziphakathi kwezinsiko kwakukhona izingonyama, nezinkabi, namakherubi;* kwakunjalo nakuzo izinsiko phezulu; phansi kwezingonyama nezinkabi kwakukhona imigexo elengayo yezimbali.
30 Yileso naleso sinqe sasinamasondo amane ethusi, nama-asi ethusi; lezi zinyawo ezine zazinamahlombe okuthwala; lawo mahlombe ayebunjiwe phansi komcengezi, enemigexo yezimbali ebhekene nawo onke.
31 Umlomo waso wawuphakathi kwesihloko; ukuphakama kwawo kwakuyingalo; umlomo wawo wawuyisiyingelezi njengokwenziwa kwesinqe, uyingalo nenxenye; nasemlonyeni kwakukhona okubaziweyo; izindini zawo zaziyizinhlangothi ezine, zingesiso isiyingelezi.
32 Lawo masondo amane ayephansi kwezindini; imbambelela yama-asi amasondo yayisesinqeni; ukuphakama kwesondo kwakuyingalo nenxenye.